AbeZanu-PF badale isiphithiphithi
2013-01-17 07:23
Harare - Abalandeli bakaMengameli Robert Mugabe abebengalawuleki bavimbe lowo oyinxusa laseMelika eZimbabwe ukuba akhulume nezakhamuzi edolobheni iMutare.
UBruce Wharton bekumele ethule inkulumo kuleliya dolobha ngesikhathi evinjezelwa ngabalandeli beqembu likaMugabe iZanu-PF nomakadebona bombutho wezempi.
"Ababhikishi bamuvimbele ukuba azwakalise abekuthunyiwe," kusho uSharon Hudson-Dean weNdlu yeNxusa laseMelika eHarare.
"Ubejabhe kakhulu ngenxa yokuthi yena ungumuntu othandayo ukulalela izimvo zabanye abantu, ngisho noma kugxekwa iMelika."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- AFP