Abe-SANDF emnyakazweni omusha eDRC

2012-11-29 10:02

Goma - Amasosha aseNingizimu Afrika ahambisana namanye ahlome azingovolo e-Uinited Nations, alungiselela ukuthatha isikhumulo sezindiza saseDemocratic Republic of Congo, esidliwe yizidlamlilo.

Isikhumulo sezindiza esingaseGoma, sadliwa yizihonga zeqembu iM23, ngesonto eledlue, lesi isikhumulo sigesinye sezinkuku kakhuku ezweni.

INingizimu Afrika ithumele amasosha angu-1 200 ukuthi ayokwelekelela esifundazweni iNorth Kivu, la ekukhona khona idolobha iGoma.

AbeM23 bake bashintshana ngenhlamvu namasosha kahulumeni waseDRC, ngesonto eledlule, lokhu kuholele ekutheni abantu abaningi babaleke bashiye amakhaya abo.

Amasosha aseNingizimu Afrika azongena kulesi sikhumulo njengoba abeM23 bevume ukuhamba bathuthe edolobheni iGoma, lokhu kuyingxenye yesivumelwano esisayinwe e-Uganda.

NgoLwesithathu aqalile ukubonakala amaloli athutha impahla, abeM23 belungiselela ukuphuma edolobheni.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-25°C Numerous showers. High level clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...