Abayingeni eyoMthethosisekelo kaMorsi
2012-12-12 10:04
Cairo - amajaji amaningi aseGibhithe ayala ukuba yingxenye yamajaji azokwethamela ukuphasiswa koMthethosisekelo omusha ozophasiswa nguhulumeni kaMengameli uMohammed Morsi.
Ukunqikaza kwamajaji kunezinkomba zokuthi abantu bezwe bangase baqhubeke nemibhikisho yokulwisana noMthethosisekelo.
IGibhithe kuthiwa ibhekene nengcindezi enkulu, kusukela kwachithwa uhulumeni kaMengameli uHosni Mubarak, eminyakeni emibili eyedule.
Okuqhubekayo kuthiwa kungase kuholele ekutheni kuhoxiswe izinhlelo ze-International Monetary Fund, zokuboleka leli isamba esingu-$4.8 billion.
Uhulumeni kaMorsi, kuthiwa umelene nazo zonke izinhlangano namaqembu angahambisani nezihlelo zeqembu iMuslim Brotherhood, eliphezu kokuthi imiyalelo yalo kube yiyo ekubuswa ngayo izwe.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA