Abayi eGibhithe abesikhungio sikaCarter

2012-12-14 10:01

Cairo - Isikhungo saloyo owabe enguMengameli waseMelika uJimmy Carter, angeke sizithumele izingqapheli zokhetho eGibhithe njengoba kulindele kuphasiswe uMthethosisekelo wezwe.

Kubikwa ukuthi uhulumeni uhlulekile ukukhipha imininingwane efanelekile ngofakazi abazokwethamela lo msebenzi.

Isinqumo sokungathunyela kwezingqapheli sikhuphula ukungabaza ngokuphasiswa koMthethosisekelo kaMengameli uMohammed Morsi, ekuthiwa ubukela phansi amalungelo abanye abantu futhi ucheme neqembu eliholwa ngabenkolo yamaSulumane.

Abazinhlangano eziphikisayo banokukhathazeka njengoba bekhala ngokuthi kungase kube khona umkhoshosho owenziwayo uma sekuvotwa.

IGibhithe ibhekane nezinxushunxushu emasontweni amathathu edlule ngesikhathi abantu bezwe beqhuba imibhikisho bephikisa imithetho emisha kaMengamei uMorsi, osebuyisele ngakuye wonke amandla, ahlanganisa nawezinkantolo.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 3-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-25°C Sunny. Mild. PE: 15-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...