'Abantu baseKenya kumele bagweme udlame'

2013-02-06 10:04

Nairobi - UMengameli waseMelika uBarack Obama uthumele umyalezo ezweni lobabamkhulu bakhe eKenya, wacela abantu bezwe ukuthi baqinisekise ukuthi alubi khona udlame okhethweni ekubhekeke lubanjwe ngenyanga ezayo.

U-Obama uthe kumele bonke abantu baqinisekise ukuthi bayakugwema ukuchitheka kwegazi, uthumele lo mlayezo esebenzisa i-video yaku-YouTube, nala aqale khona ngokubingelela abantu ngesiSwahili, okuwulimi olukhulunywa kakhulu eKenya.

Uthe abantu kumele bakugweme ukungcofana ngamazwi, wathi ukhetho kumele kube ngolukhululekile luphinde lukwazi ukubhekana nezingqinamba ezibhekene nezwe.

"Lona ngumzuzu wokuthi bonke abantu baseKenya babambisane, babe yimbumba. Uma nenze njalo ningakhombisa umhlaba ukuthi anigcini nje ngokuba yidlanzana esizweni esithile kodwa niyingxenye yezwekazi elikhulu," kusho u-Obama okumanje unezihlobo ezihlala khona eKenya.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-21°C Sunny. Mild. Pta: 1-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...