Abangu-14.3m babhalisele ukuvota eKenya

2012-12-21 10:11
Yabelani Shicilela

Nairobi – Babalelwa okungenani ku-14.3 million abantu baseKenya ababhalisele ukuvota okhethweni lukazwelonke ngoMashi 2013, kusho ikhomishana eyongamele ukhetho ezweni.

Babalelwa ku-14 337 399 abavoti ababhalise ngesikhathi kuvulwa ukubhalisa ngoNovemba 19 nokuphele ngoLwesibili, ngokusho kwesitatimende se-Independent Electoral and Boundaries Commission (IEBC).

I-IEBC iqale yathi ilindele ukuthi kubhalise abantu abangu-18 million kulolu khetho.

Abanye bathi besisincane kakhulu isikhathi abasinikeziwe sokubhalisa.

"Niyacelwa ukuba nazi ukuthi lezi zibalo zingase zishintshe ngokuhamba kwesikhathi uma sekuphothulwe uhlelo," kusho i-IEBC esitatimendeni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- AFP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 12-23°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 10-18°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-24°C Haze. Mild. PE: 13-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...