Abakwa-Israyeli bayokwelekelela eGhana

2012-11-08 14:01

Accra - Kulindeleke ukuthi kutheleke ithimba eliqhamuka kwa-Israyeli liyokwelekelela ukuzama ukuthungatha abantu abavaleleke ngaphansi komhlabathi, ngesikhathi kubhidlika inxanxathela yezitolo eGhana.

NgoLwesithathu kuwe izindonga zenxanxathela yezitolo enezitezi eziyisithupha, bathathu abantu ekuqinisekiswe ukuthi bashonile kanti abatakuli sebekwaze ukutakula abantu abangu-51.

Umengameli waseGhana umemezele ngokutheleka kwethimba labantu abangu-18 abaphuma kwa-Israyeli, abazosiza njengoba kuvele inhlekelele.
 
Inxanxathela yezitolo iMelcom, isenhlokodolobha yezwe i-Accra.

"Ithimba leli lizohlola indawo lisebenzisa imishini enobuchwepheshe, ngenhloso yokuzama ukuthola abanye abasindile," kusho uMengameli uJohn Dramani Mahama.

"Kuzokwandiswa abasizi abalinganiselwa ku-150, bahlanganisa abezempilo abazoba sendaweni yesehlakalo."





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-28°C Showers early. More sun than clouds. Warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...