Abagibeli basale dengwane indiza iphelelwa uphethiloli

2015-08-06 07:38

Bulawayo – Izinkumbi zabantu zisale dengwane esikhumulweni sezindiza eHarare International Airport ngesikhathi ibhanoyi i-Air Zimbabwe lihluleka ukundiza ngenxa yokuthi belingenawo uphethiloli wohlobo lweJet A1.

OLUNYE UDABA:  Uveze i-payslip okungeyona eyakhe ebalekela ukondla

Le ndiza ebizohambela kwaBulawayo naseVictoria Falls bekulindeleke ukuthi isuke ngehora lesikhombisa ekuseni kodwa lize lasuka ngehora lesibili ntambama nokwenze kwathikamezeka nezinye izindiza zosuku ngoLwesithathu.

Okhulumela inkampani yalezi zindiza uShingi Taruvingi-Dhliwayo usiqinisekisile lesi sigameko kodwa waveza ukuthi konke sekubuyele esimweni. 

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

            - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...