Abaduni bemikhumbi bakhishelwe ushwele

2013-02-28 16:12

Mogadishu - UMengameli waseSomalia usememezele ushwele ozonikwa abaduni bemikhumbi abasayizingane, ngenhloso yokuzama ukunciphisa lo mkhuba kwakhiwe kabusha izwe.

"Besilokhu sixhumana nabaphangi bemikhumbi asebekhulile. Kumele uphele umkhuba wokudunwa kwemikhumbi," kusho uMengameli uHassan Sheikh Mohamud, etshela abezindaba ze-AFP.

Ezinyangeni eziyisithupha ezedlule, uMohamud, waqoka ithimba elibhekene ngqo namacala okudunwa kwemikhumbi, wathi ufuna abantu bathole ezinye izindlela zokuzama ukuziphilisa.

Ushwele kuthiwa angeke unikwe ongqondongqondo abafuna ukukhokhelwa izindodla zemali, ngabantu abasuke bethunjiwe, futhi abafunwa wuphiko lwamaphoyisa i-Interpol.

"Angeke sibanike ushwele, ungowabafana abancane."

Imibiko ithi zehlile izehlakalo zokuthunjwa kwemikhumbi, kusukela kwatshwalwa onogada abahlomile eGulf of Aden nase-Indian Ocean.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-16°C Sunny. Cool. Bloem: -2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...