afrika

Nazi ezinye zezizathu ezenza owesifazane angafiki kuvuthondaba

2017-01-20 13:01

Nakuba abantu besilisa behlale befika kuvuthondaba uma benza ucansi, akunjalo ngaso sonke isikhathi kubantu besifazane.

Unqatshelwe ibheyili umfundisi owathi uMugabe uzoshona

2017-01-20 11:37

Usazoke athi ukubhadla ejele umfundisi owaphrofetha ukuthi uMengameli waseZimbabwe uzoshona kulo nyaka. Wathi akanacala ngoba ubedlulisa umyalezo ovela kuNkulunkulu.

Umastende ushaye wabulala isiqashi esingalishayanga ithoyilethe

2017-01-19 13:01

Kubikwa ukuthi umastende waseGhana ushaye wabulala isiqashi sakhe ekhanda ngoba singazange silishaye ithoyilethi ngesikhathi siqeda ukulisebenzisa.

Ingane, 8, ishe yashona iphoqwa nguyise ukuba igqume

2017-01-19 07:15

Kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-39 ubudala eZimbabwe ngemuva kokuba ebulale indodakazi, 8, angayizali ngemuva kokuthi eyiphoqe ukuba igqume kanti izosha.

Owesilisa ubulale ngembazo abemsola ngokuthakatha emndenini

2017-01-16 10:00

Owesilisa waseZimbabwe, 30, usolwa ngokugqema ngembazo ubabekazi wakhe oneminyaka engu-75 ubudala, emsolwa ngokuthakatha, ngokusho kombiko.

Kuthunjwe abafundi abahlanu nezisebenzi ezimbili

2017-01-15 13:32

Oshayasibhamu bathumbe abafundi abahlanu kanye nezisebenzi ezimbili, okubalwakuzona nowaseTurkey, esikoleni saseNigeria esineningizimu nesifunda i-Ogun, kusho amaphoyisa.

Ucishe washumpuka 'induku' ozame ukuzisoka ngocelemba

2017-01-14 11:02

Umfana oneminyaka engu-6 ubudala uzame ukuzisoka ngocelemba ngemuva kokuba abangani bakhe behlekise ngaye bethi ngeke ayithole intombi, kubika iphephandaba.

Isimanga indoda ingcwatshwa nemali 'yokugwazela' uNkulunkulu

2017-01-12 10:00

Owesilisa wase-Uganda kubkwa ukuthi ungcwatshwe nemali engu-$5 700 athe uzoyinikeza uNkulunkulu ukuze ezomhlanza izono zakhe, angayi esihogweni.

Basindiswe amaphoyisa ebebeshaywa umphakathi

2017-01-10 07:33

Amaphoyisa aseMalawi kubikwa ukuthi asindise abasolwa ababili ebebeshaywa yiqulu lomphakathi ngemuva kokuba bezenze amaphoyisa eLirangwe eBlantyre.

Utalajiwe onqabe ukuhlalisana nomakhwapheni emzini wakhe

2017-01-08 15:59

Isobishini indoda yaseNguboyenja eBulawayo ngemuva kwezinsolo zokutalabha inkosikazi yayo ongavumelananga nezinhlelo zayo zokuhlalisa umakhwapheni emzini wabo.

Uzibulele oxabane nomkakhe

2017-01-07 13:48

Kubikwa ukuthi owesilisa waseMalawi oneminyaka engu-38 ubudala uzibulele ngemuva kokuxabana nomkakhe, othe akashintshe indlela aphuza ngayo utshwala, umbiko.

Uthole isibhaxu onqabe ukwenza ucansi nowayengumyeni wakhe

2017-01-06 16:00

Indoda yasePlumtree, 22, italabhe kanzima owayengunkosikazi wayo ngemuva kokunqaba ukuzibandakanya nayo ocansini ngoKhisimusi.

Icele uxolo ebize unina ngomqwayizi isixoshwa ekhaya

2017-01-06 11:30

Indoda yaseBulawayo, uMkhululi Mloyi oneminyaka engu-35 ubudala idalule imfihlo ngomama wayo enkantolo ngesikhathi ithi ungumqwayizi futhi ungumthakathi.

 

 

Obezenza ummeli uboshwe esewinise inqwaba yabantu amacala

2017-01-19 11:31

Owesilisa waseNigeria kubikwa ukuthi uboshiwe ngemuva kokusebenza iminyaka eyishumi njengommeli, esebenzisa iziqu zomunye umuntu.

Uthi akazisoli umfundisi owaphrofetha ukuthi uMugabe uzoshona

2017-01-18 10:00

Uthi akazisoli nakancane umfundisi owaphrofetha ukuthi uMengameli waseZimbabwe, uRobert Mugabe, ‘uzokhahlela ibhakede’ kulo nyaka, uthi wayedlulisa umyalezo ovela kuNkulunkulu.

Uboshiwe othe uMengameli uzofa ngo-Okthoba

2017-01-17 08:27

Uboshiwe izolo eHarare umfundisi obenesibonakaliso sokuthi uMengameli Robert Mugabe uzofa ngo-Okthoba 15, kusho ummeli wakhe.

Owesilisa 'udlwengule' indodakazi yentombi kubuka ezinye izingane

2017-01-16 07:44

Owesilisa oneminyaka engu-36 ubudala uboshiwe eZimbabwe ngemuva kwezinsolo zokudlwengula indodakazi yentombi yakhe eneminyaka engu-11 ubudala phambi kwezingane zakubo ezincane.

Owesifazane ugwaze wabulala umyeni wakhe obedakiwe

2017-01-14 13:26

Owesifazane oneminyaka engu-37 ubudala, uChristiana Odo, ngoLwesihlanu uthweswe icala lokugwaza abulale umyeni wakhe, uRomanus, 48.

Kubulawe ngesihluku onebala

2017-01-13 11:33

Inhlangano yamalungelo abantu i-Amnesty international isigxeke ukubulawa ngesihluku konebala elimhlophe oneminyaka engu-17 ubudala, oklinywe washaya ngesikhali esibukhali eMalawi.

Zimkhalele obhunyele intombi yomyeni ngamanzi abilayo

2017-01-09 14:31

Amaphoyisa aseMalawi asebophe owesifazane oneminyaka engu-31 ubudala ngemuva kokubhunyela omunye wesifazane ngamanzi abilayo emsolwa ngokulala nomyeni wakhe.

Owesilisa ugwaze umalume oyinkathazo

2017-01-07 16:01

Indoda yaseNorthend eBulawayo isolwa ngokugwaza umalume wayo ozifelayo ngamanzi amponjwana owafika ekhaya ebusuku waqala inkathazo.

Kuboshwe ababonakale begqoke ama-camouflage

2017-01-07 11:01

Amaphoyisa aseZimbabwe abophe abantu abayisikhombisa ebebegqokise okwamasosha, kusho abezindaba bakuleliya lizwe ngoLwesihlanu.

Kuboshwe nowayeyiphoyisa ngelokuphanga ibhange

2017-01-06 14:30

Amaphoyisa abophe abesilisa abahlanu, okubalwa kubona nesikhulu sasebhange kanye nephoyisa elaxoshwa emsebenzini, ngecala lokuphanga i-Access Bank ePort Harcourt.

 
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Sunny. Mild. Pta: 19-31°C Tstorms late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 16-25°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-21°C Scattered showers. Decreasing cloudiness. Cool. PE: 15-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...