UMengameli Jacob Zuma uzohambela inkonzo yokufihlwa koqweqwe lommeli waKwaZulu-Natal, uMvuseni Ngubane, nowazibulala ngempelasonto, kusho i-ANC.
Ngesikhathi uNjabulo Khambule efika esiteshini samaphoyisa eMsinsini, wayengakwazi ngisho ukuhamba kanti umzimba wakhe wawunezinkomba zokushaywa.
UMengameli wezwe uJacob Zuma ukhulume waqinisekisa ukuthi inyunyana iCosatu yisona sithiyo esivimbe ukuthi kukhishwe isibonelelo sabantu abasha abangasebenzi.
Umkhulumeli weDA uMnusi Maimane usevule icala lokudala udlame, ukwesabisa kanjalo nokuhlangana okungekho emthethweni evulela inyunyana iCosatu.
Umgulukudu obhekene namacala amaningi ahlanganisa elokweqa ejele uBongani Moyo ucele iziboshwa abanjwa nazo ukuthi zimfakazele ngesikhathi evela enkantolo.
UMnyango wezaManzi uthi uzothatha izinyathelo zomthetho uthathele izimayini ezine ekuthiwa ziyaqhubeka nokusebenza ngaphandle kwezimvume zamanzi.
Uhulumeni ubeke eceleni imali ekuzobonelelwa ngayo intsha engasebenzi eneminyaka engaphansi kwengu-30 ubudala. Abafundi babeka imibono abo.
Lizothi lisa elangoLwesine, lizobe selifungisiwe ikhabhinethi elisha lasePalestine eWest Bank, kudalula uMengameli wezwe uMahmoud Abbas.
ENKANTOLO: Owabe enguMengameli waseLiberia uCharles Taylor esenkantolo eSierra Leone, ezincengela emajajini kulandela ukutholakala enamacala amaningi ahlanganisa awokubulala nokudlwengula. (AFP)
ISILILO: Labo abebesebenza nentatheli yomsakazo ebulewe eHonduras, u-Alfredo Villatoro, bakhihla isililo emuva kokuzwa lezi zindaba. UVillatoro wathunjwa ngoMeyi 9 esendleleni eya emsebenzini. (AFP)
NDLELANHLE: UMengameli waseFrance ophumayo esikhundleni uNicolas Sarkozy nonkosikazi wakhe uCarla Bruni-Sarkozy beshiya izindlu zombuso bededela uMengameli omusha uFrancois Hollande. (Michel Euler, AP)
IZINDABA: UShansela waseGermany u-Angela Merkel utheleka esithangamini sabezindaba eBerlin, nalapho eveze khona ukudangala ngokungenzi kahle kweqembu lakhe okhethweni. (John MacDougall, AFP)
ESITHANGAMINI: Umholi wophiko lwentsha ye-ANC oxoshiwe uJulius Malema ekhuluma esithangamini sabezindaba eGoli. Bekungokokuqala ekhuluma nabezindaba kusukela axoshwa yi-ANC. (Werner Beukes, Sapa)
ISO LOKHOZI: Umqaphi waseThailand ubambe isibhamu njengoba egade ngeso lokhozi izingane nabesifazane bamaSulumane njengoba kuwusuku lokuqala lokuvulwa kwezikole esifundazweni iNarathiwat. (Madaree Tohlala, AFP)
I-Democratic Alliance isola uMengameli uJacob Zuma ngokusaba ukwenza izinqumo ezinzima ezizosiza iningi lentsha engasebenzi.
Ngabe kuwumqondo omuhle ukubuyisela uBenni kuBafana Bafana?
Yebo 64% 107 amavoti
64
Cha 23% 38 amavoti
23
Usephelelwe yisikhathi 14% 23 amavoti
14
Oshayasibhamu eDemocratic Republic of Congo bathi sebebulale okungenani amasosha angu-26 empini eqhubeka maduzane nomngcele ongenela eRwanda.
Inyunyana yabasebenzi iNehawu ithi umholi weDA uHelen Zille akehle esikhundleni sakhe njengoNdunankulu waseWestern Cape aphinde ehle njengomholi weqembu eliphikisayo.
Inhlangano yamaLungelo aBantu imatasa iphenya ngezinsolo ezithi owabe eyisikhulu esiphezulu eCongo uBosco Ntaganda, waphoqa abafana abancane ukuthi babe yingxenye yempi
Inhlangano yezempilo emhlabeni iWHO ithi isifo iHigh Blood Pressure singenisile futhi sihlasele kakhulu kubantu abaneminyaka ephakathi kuka-25 kuya phezulu.
Imenenja yeKaizer Chiefs uBobby Motaung useveze amagama abadlali abathathu leli qembu elibagaqele ngesizini ezayo, kusho umbiko.
Inkampani yezobuchwepheshe iGijima kuthiwa izodiliza abasebenzi, inani labo elingadalulwanga, ukuze inyuse izinga lokusebenza nokunciphisa imali ephumayo.
Bancane, bafundile futhi bayaphumelela uNoluthando “Nolly” Meje noSphesihle “SPHEctacula” Ngwenya abangamathe nolimi futhi abazimisele ngokuba yizibonelo ezinhle.
Inhlolovo yakamuva itshengisa ukuthi lehlile isasasa lokwesekwa kukaMengameli Jacob Zuma lisuka ku-55% ngasekuqaleni konyaka lama ku-46%, kusho iTNS South Africa.
Chatsworth - 21:17:52 PM Traffic lights short-timing at Havenside Drive Ezinye zasemigwaqeni
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).